Johannesburg - IMamelodi Sundowns ibuyele esicongweni kuPremiership emuva kokushaya iBlack Leopards ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kusho umbiko we
KickOff.com.
UPunch Masenamela ulivalele kuqala enethini, ngaphambi kokuthi igoli lakhe licishwe nguSamuel Mabunda.
UMasenamela kodwa uphenduke iqhawe lomdlalo ngesikhathi akha ithuba lokuthi amaBrazilians afake elinye, neliqedelwe nguNyasha Mushekwi.
Esiwombeni sesibili abadlali babukeke bephelelwe wumfutho njengoba belahle amathuba amaningi kanti nomdlalo ubungasasheshi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.