Johannesburg - IMamelodi Sundowns ibuyele esicongweni kuPremiership emuva kokushaya iBlack Leopards ngo 2-1 ePeter Mokaba Stadium ngoLwesithathu ebusuku, kusho umbiko we
KickOff.com.
UPunch Masenamela ulivalele kuqala enethini, ngaphambi kokuthi igoli lakhe licishwe nguSamuel Mabunda.
UMasenamela kodwa uphenduke iqhawe lomdlalo ngesikhathi akha ithuba lokuthi amaBrazilians afake elinye, neliqedelwe nguNyasha Mushekwi.
Esiwombeni sesibili abadlali babukeke bephelelwe wumfutho njengoba belahle amathuba amaningi kanti nomdlalo ubungasasheshi.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
News24