Johannebsurg - ISuperSport United kubikwa ukuthi ifune ukwazi ngomdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns u-Antony Laffor.
Lo mdlali waseLibya inkontilaka yakhe neSundowns iyaphela ngoJuni,
okusho ukuthi noma yiliphi iqembu elimfunayo selingakwazi ukumsayinisa i-pre-contract.
Funda nalolu daba: Esinye isihlabani esihambayo kwiBhakabhaka.
UPitso Mosimane ubelokhu ekuphika ukuthi uLaffor uzolishiya leli
qembu kule sizini, kodwa ngokombiko weKickOff.com,
aMatsatsantsa asezwakalise
ukuthi ayamfuna lo mdlali.
ISuperSport kulindeleke ukuba isayinise uDaine Klate namhlanje,
ngemuva kokusayina uKingston Nkhatha, uMothusi
Gopane noLuvolwethu Mpetha.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.