isiZulu

"ITshwane iyaziqhenya ngoVan der Burgh"

2012-07-30 10:32
Johannesburg - Idolobha iTshwane lihalalisele umbhukudi uCameron van der Burgh, oqhamuka kulona leli dolobha, odle umhlanganiso wanqoba indondo yegolide emqhudelwaneni wama-Olympic, oqhubeka eLondon.

"Ushaye isitayela saseTshwane, uVan der Burgh uveze ikhono enqoba u-100-metre kumasekhondi angu-58.46," kusho isitatimende esikhishwe ngabaphathi bedolobha.

"Siyidolobha nabantu bonke baseNingizimu Afrika, sithi siyakuhalalilela Cameron."

UVan der Burgh unqobe umqhudelwano ngeSonto, isicoco lesi besiphethwe nguBrenton Rickard wase-Australia.

Siyidolobha sikhuthaza abanye abadlalali baseNingizimu Afrika, sibafisela inhlanhla.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

Ezinye izindaba e- Ezemidlalo

«Emuva
Ad:Metropolitan Family Funeral Plan from R36 p.m.