Johannesburg - UMqeqeshi weBidvest Wits uGavin Hunt usezwakalise ukuthi obengumgadli weMoroka Swallows uLerato Chabangu usengayishukumisa enkundleni nakuba kungakacaci ukuthi uzomsayina.
Ngokibika kweKickOff uChabangu onesipiliyoni esiyisimanga kwi-PSL uzilolonga neWits ngenhloso yokuthola inkontileka ngemuva kokuphelelwa yinkontileka neSwallows egawulwe yizembe ngesizini edlule.
UChabangu useke wadlala ngaphansi kwesandla sikaHunt ngesikhathi esekwiSuperSport United lapho anqoba khona isicoco se-Absa Premiership ngo-2009.
"Ungumdlali osezingeni kodwa sisambheka," uHunt etshela iSport24 ngesikhathi ebuzwa ngoChabangu.
OLUNYE UDABA: IMaritzburg United imemezele umqeqeshi omusha
"Usafana usengaqhubeka nokuyishukumisa enkundleni."
UChabangu wazivuselela kulo mkhakha ngesikhathi ejoyina iZinyoni ngo-2011 ngemuva kokuba wuhlupho ngaphandle kwasenkundleni nokwaholela ekutheni kuphazamiseke ukudlala kwakhe.
UHunt uphinde waba manqika ngokuphawula ngomunye wabadlali osazama inhlanhla kuleli qembu uJonas Mkuda waseTanzania oneminyaka engu-22 ubudala.
"Naye sisambheka sisazocacisa ngekusasa lakhe."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter