Share

IZinyoni ziphika eyokubuyela kuPSL

Johannesburg - Isikhulu seMoroka Swallows uLeon Prins uphika amahlebezi athi uxoxisana ne-University of Pretoria ukuze iqembu lakhe lizobuyela kuPSL.

IZinyoni zaseDube zagawulwa yizembe ngesizini edlule ngemuva kwemidlalo yamaSL Promotion/Relegation Play-Off kulandela ukuqeda isizini ilele kunombolo 15.

Amahlebezi athi iSwallows ingase ifune ukuthenga amaTuks ukuze ihlale kuPSL – ikakhulukazi ngemuva kwezindaba ezithi AmaZulu sekusele kancane aphothule isivumelwano sokuthenga iMpumalanga Black Aces – kodwa uPrins uyakuchitha lokho.

Funda nalolu daba: UBrian Baloyi ukhuza ibuya kwiChiefs

“Akumele ukholwe wonke amahlebezi. Ngesonto elizayo bazothi ngishada nesihlahla... Njengamanje akukho okwenzakalayo,” kusho uPrins kuKickOff.com

“Sizilungiselela isizini ezayo esizoyidlala kuNational First Division, silungiselela iqembu lethu kulokho, akukho okunye. Ngale kwalokho akukho engingakusho.”

Ngesikhathi ebuzwa ukuthi uke wazama yini ukubamba izingxoxo ne-University of Pretoria, uPrins akazange aphumele obala.

“Yilokho kuphela engizimisele ngokuthi ngikusho. Sizilungiselela iNFD.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 701 votes
No! It's time to move on ...
33% - 351 votes
Vote
Rand - Dollar
19.01
+0.0%
Rand - Pound
23.80
-0.0%
Rand - Euro
20.40
+0.0%
Rand - Aus dollar
12.44
-0.3%
Rand - Yen
0.12
+0.7%
Platinum
929.90
+0.5%
Palladium
992.50
+0.2%
Gold
2,344.97
+0.5%
Silver
27.69
+0.9%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,111
+1.0%
All Share
75,033
+1.0%
Resource 10
62,918
+1.3%
Industrial 25
103,789
+1.2%
Financial 15
15,853
+0.3%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE