Soweto – Igoli likaLehlohonolo Majoro elingene ngesiwombe sokuqala, kwaba elikaKermit Erasmus elingene ngesiwombe sesibili, asize eziMnyama ngeNkani i-Orlando Pirates ekutheni igoduke namaphuzu amathathu emdlalweni wayo ne-Bloemfontein Celtic.
Umdlalo ube ngoMgqibelo ebusuku e-Orlando Stadium.
Ukunqoba kweBhakabhaka ngo 2-1, kuyinike amaphuzu angu-26, kwathi ezibalweni zeligi, yaba sendaweni yesine.
Umdlalo ubeke ezikaClinton Larsen endaweni ka-10, kanti zinamaphuzu angu-20.
Orlando Pirates
Mhlongo, Jele, Mahamutsa, Sangweni, Phungwayo, Sarr, Manyisa, Makola, Masuku (Rakhale 61’), Majoro (Gabuza 84’), Erasmus (Nyauza 73’)
Bloemfontein Celtic
Tignyemb, Fransman, Ndengane, Lamola, Motshegwa (Ntanga 69’), Morena, Bilankulu, Mulenga, Nyatama (Mogorosi 76’) Ritchie, Mhango
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.