London – Inkakha yomdlali eseyawabeka ethala amakhokho eyayigijima kwiManchester United isizwakalise ukuthi nakuba ikujabulela ukuthengwa kuka-Angel Di Maria kodwa imali athengwe ngayo inkulu kakhulu.
Ngokubika kwe-SoccerLaduma uPaul Scholes ubhale kwingosi yakhe yephephandaba i-Independent ukuthi lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala odabuka e-Argentina umba eqolo kakhulu.
“Ungumdlali osezingeni futhi iManchester United iyamdinga kakhulu umdlali ofana naye ngoba uzokwazi ukubuyisa abalandeli baphinde bagcwalise i-Old Trafford.
"Uyakwazi ukudlula kumdlali futhi akhe namagoli,” kuncoma uScholes.
UScholes uqhube wathi akanandaba futhi akumkhathazi ukuthi lo mdlali uthengwe ngamalini.
“Kodwa ngiyacabanga ukuthi imali elinganiselwa kuR865 milliom inkulu kakhulu,” kusho uScholes enanela ngokuthi unesifiso sokuthi kube khona nabanye abadlali iManchester ebathengayo.
“Okubalulekile wukuthi sebemsayinile,” kubeka le nkakha.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho