Johannesburg - Umqeqeshi weBafana Bafana uShakes Mashaba uyakuphika ukuthi inkinga ibesodongeni lwasemuva ngesikhathi bedlala neSenegal.
INingizimu Afrika bekubonakala esikhathini esiningi ukuthi iyahluleka ukumelana namabhola ephezulu ngisho nangaphambi kokuba uKara Mbodji agxume ukudlula uMulomowandau Mathoho ashaye igoli lokulinganisa, kubika iKickOff.com.
Funda nalolu daba: UFurman uthi sebemi ngomumo.
"Amagoli asingenelayo, awachazi ukuthi asidlali kahle, kodwa kwesinye isikhathi bayasihlula ngobude,” kusho uMashaba."Ubuyibona indlela abebedlala ngayo, bebefaka amabhola aphezulu abhokisini.”
"Inkinga ayikho semuva. Uma sifuna ukwenza izinto zibengcono kumele sivale labo abafaka ibhola ebhokisini.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.