Johannesburg - IMaritzburg United isiphethe ngokuthi imdedele umdlali wayo wasesiswini, uNhlanhla Vilakazi.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala, obengakaze adlale kule sizini, washaya igoli elilodwa emidlalweni engu-24 ku-Absa Premiership ngesizini edlule.
"UVilakazi useshiye iMaritzburg United kanti manje usebhekene nenselelo yokuba athole iqembu elisha. Iqembu lithe akekho sezinhlelweni zalo,” kusho imenenja kaVilakazi, uGary Cassisa kwiKickOff.com.
Funda nalolu daba: Ushaya phansi ngonyawo umqeqeshi ngoVilakazi
"Akasenalo iqembu, kuzomele ngimtholele iqembu. Nakuba kuzobanzima ngoba amaqembu asebasayinile abadlali ababafunayo manje.”
UVilakazi wajoyina iTeam of Choice eminyakeni esuka kwi-Ajax Cape Town.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).