Johannesburg - IMamelodi Sundowns iqhubekile nerekhodi layo elihle, yadlala umdlalo ka-13, ingashaywa.
NgoMgqibelo ezikaPitso Mosimane, zishaye i-Ajax Cape Town, ngo 2-1, emdlalweni obanjelwe e-Atteridgeville.
IDowns isilele endaweni yesibili ezibalweni zeligi kanti ingemuva ngamaphuzu angu-15 kwiKaizer Chiefs, eqhwakele.
"Nganelisekile ngomphumela, yize noma besingenza kangcono," kusho uMosimane obebonakala ukuthi uzama ukuzibamba ukuthukuthela.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.