IKickOff.com yabika ngomhlaka-11 Septhemba ukuthi lolu daba kungase kufinyelelwe esivumelwaneni ngalo lungazange luye enkantolo, nokuncike ezingxoxweni zesikhulu seQuality Talent Sports nePirates.
USukazi ufuna uMajoro amnxephezele ngo-R1.8-million, ngokwephula imigomo yenkontileka.
“Sizaqhubeka izingxoxo phakathi kwethu neziphathimandla zePirates,” kusho uSukazi.
OLUNYE UDABA: Ayiphelile eyami noMajoro - Sukazi
USukazi waveza emaphepheni awafaka enkantolo ukuthi uMajoro wasayina inkontileka nenkampani yakhe ngo-2010 ukuthi kube yiyo ebhekelela eziphathelene nebhola empilweni yakhe.
Isivumelwano sasithi le nkampani izothola u-10% wazo zonke izimali njalo ngonyaka noma ithole u-10% kuleyo mali lo mdlali ayodayiswa ngayo.
Inkontileka yadatshulwa ngo-2012.
Nokho uSukazi uthi yena noMajoro baphinde bavumelana ngomlomo ngoJanuwari noMajoro ngayo yona le migomo yenkontileka yokuqala.
n
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho