Johannesburg - IPremier Soccer League isiyihlehlisile yonke imidlalo ye-Absa Premiership obekumele ibengempelasonto njengoba ihlonipha ukaputeni weBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, oshone ngeSonto.
Phambilini iPSL ibihlehlise umdlalo wokhaya baseSoweto kodwa manje isithathe isinqumo sokuyihlehlisa yonke imidlalo.
Funda nalolu daba: Iqembu linikeze uJali ikhefu lokuzofihla uMeyiwa.
Isikhulu seMoroka Swallows uLeon Prins sitshele iKickOff.com ukuthi sithole incwadi ephuma kwiPSL ibazisa
ngalezi zindaba, kodwa ngesikhathi kufonelwa isikhulu sePSL uDerek
Blanckensee, uthe bazokhipha isitatimende esigcwele maduzane.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).