Johannesburg – IKaizer Chiefs ibhekise amabobo eMorocco ukuyodlala umlenze wesibili weCAF Champions League neRaja Casablanca ngempelasonto.
IChiefs inethemba lokuthi izokwazi ukuguqula isimo kwazise iya kulo mdlalo ilandela ngemuva ngegoli elilodwa ngemuva kokubhaxabulwa ekhaya yileli qembu.
“Iqembu likhombisa ukuzimisela okuyisimanga futhi siya eMorocco ngaphandle kokwesaba,” kusho umqeqeshi waBafana bokuThula noXolo uStuart Baxter.
OLUNYE UDABA: IChiefs ingase isayine umgadli omusha
“Silindele umdlalo onzima kodwa sizonikela ngakho konke esinakho ukuqinisekisa ukuthi sibuya sinqobile ukujabulisa abalandeli bethu.”
Isikhulu sezokumaketha kuleli qembu uJessica Motaung unanele ngokuthi: “Abadlali bahamba nokukhulu ukuzethemba futhi bayazi bathwele namathemba abobonke abantu abangabalandeli baMakhosi.
"INingizimu Afrika iyabeseka futhi siyazi bazosenza siziqhenye,” kusho uJessica ngokubika kweKickOff.
IChiefs izodlala neRaja ngeSonto kusihlwa eStade Mohammed eMorocco.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho