Johannesburg - Unozinto we-Orlando Pirates uBrighton Mhlongo uthi usezinzile manje kuleli qembu kanti ubona sekuyisikhathi sokuthi enyuse amasokisi.
Lo mdlali, 24, wathatha ijezi iqembu ligubezelwe yifu elimnyama ngo-Okthoba wonyaka odlule ngesikhathi kudlula emhlabeni uSenzo Meyiwa owabulawa, kubika iKickOff.com.
UMhlongo uthi manje ngisho umqondo wakhe usukulungele ukudlala ngokupheleleyo.
OLUNYE UDABA: UMhlongo ungu-number 1 - Tinkler
"Bengilokhu ngidlala ngokuzimisela yize isikhathi engingene ngaso eqenjini besinzima. Kube yisigaba sempilo ebekumele ngidlule kuso, kanti manje ngicabanga ukuthi sengikudlulisile konke okwenzeka.
"Sengikulungele manje ukudlala ibhola elincomekayo. Izinto zihamba kahle,” esho.
UMhlongo kulindeleke ukuthi abe sepalini uma iPirates isithathana nezimbangi zayo ezinkulu iKaizer Chiefs koweCarling Black Label Cup ngoMgqibelo e-FNB Stadium.