Johannesburg – Izihlabani ezimbili zeKaizer Chiefs kubikwa ukuthi zifakwe amasondo yizikhulu zaleli qembu kulandela ukuthi zinxenxe ukunyuselwa imiholo ngezizumbulu.
U-Itumeleng Khune noTefu Mashamaite kuthiwa bashiye lezi zinkunzi zaseSoweto ngemuva kokungafinyeleli esivumelwaneni sezingxoxo zamaholo, ngokusho kweSunday World.
OLUNYE UDABA:Abafuni ukuwaphendula athi uKhune usayine kwiDowns
Leli phephandaba liqhube ngokuthi uKhune ubehola imali ebalelwa ku-R3,9 million ngesizini noma u-R400 000 ngenyanga, kanti manje ubesefuna ukuhola u-R8,4 million noma u-R700 000 ngenyanga.
Ngakolunye uhlangothi, uMashamaite, obehola u-R180 000 ngenyanga ubefuna le mali iphindwe kane.