Geneva – Kuboshwe izikhulu eziyisithupha zebhola lezinyawo eZurich ekuseni ngoLwesithathu ngemuva kwesicelo esikhishwe yiziphathimandla zaseMelika, ezibasola ngokugwazelwa ngezigidi zamadola aseMelika, kusho iziphathimandla zaseSwitzerland.
INew York Times ibike ukuthi kuboshwe izikhulu zeFIFA eziyisithupha.
Funda nalolu daba: UMosimane ufuna ayebaqeqesha kuBafana
"Abasolwa ngokufumbathiswa – abamele abezindaba kanye nezinkampani ezithile – basolwa ngokusebenzisana ngenhloso yokukhokhela ezinye zezikhulu zeFIFA nezinye izinhlangano imali engaphezulu kuka-$100 million," kusho uMnyango wezobulungiswa eSwitzerland esitatimendeni.
UMnyango wezobulungiswa uthe izikhulu eziyisithupha ziboshwe ngemuva kwesicelo seziphathimandla zeMelika kulandela izinsolo zokugwazelwa kusukela ngama90 kuze kube manje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.