Johannesburg - Kuduma ikhanda kumqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter, njengoba ezakhe zizogadulisana neMamelodi Sundowns, eSoccer City, ngo-15h30.
"Awazi ukuthi ubani ekumele umdlalise njengoba bonke abadlali bebesekhefini," kusho uBaxter, etshela abe-website yeqembu.
Umqeqeshi kungenzeka umdlalo uqalwe yizihlabani zeqembu lesizwe.
Funda nalolu daba: Kungokwesikhashana ukudlala kahle kweChiefs - Modise
Umqeqeshi weDowns uPitso Mosimane, naye kungenzeka ukuthi ubhekene nenkinga efanayo noBaxter njengoba abanye babadlali bakhe bebebizwe kwiBafana Bafana.
UBaxter uthi kubanika ithemba ukuqhwakela kwabo kwilogi kanti abazimisele ngokunyakaza.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.