Johannesburg – Kuhlabane abeKaizer Chiefs kumklomelo wabenze kahle kule
nyanga kwi-Absa Premiership njengoba kuklonyeliswe umqeqeshi nomdlali wayo wase
muva.
Ngokubika kwe-KickOff uStuart
Baxter uhlabane ukuphindile lokhu ngesikhathi ehlabana nomklomelo wokuba
umqeqeshi wenyanga noTefu Mashamaite oyisiqongqwane saleli qembu ebeseyingxenye
yeBafana Bafana.
Kubikwa ukuthi iPremier Soccer League iklomelise laba
baMakhosi ngokwenza kahle ezinyangeni uSepthemba no-Okthoba ngenxa yokuthi
ayibanga mining imidlalo kulezi zinyanga yingakho zihlanganisiwe.
OLUNYE UDABA: Akuphele ukubiza iChiefs ngeGautrain- Fani Madida
“Kumnandi ukuklonyeliswa ngezindondo njengoba
umdlalo kanobhutshuzwayo uwumdlalo wemibono eyahlukene,” kusho uBaxter ngemuva kokuhola iqembu lakhe
emidlalweni eyishumi wanqoba 9 wadlala ngokulingana kowodwa.
“Ngizizwa
ngithobekile ngokwamukela lo mklomelo ikakhulukazi ngaphambi komdlalo wethu
neMamelodi Sundowns,” kusho uMashamaite okunguye ukaputeni weChiefs osabambile
njengoba kulimele u-Itumeleng Khune.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho