Johannesburg – Kulindeleke ukuthi iKaizer Chiefs ibambe ingqungquthela yabezindaba ngesonto elizayo lapho izochaza kabanzi ngabadlali abalishiyayo leli qembu nabasha ngokubika kweKickOff.
Le ngqungquthela kulindeleke ukuthi ibanjwe ngesonto elizayo ngoLwesibili ngomhlaka 2 kuJuni.
Leli qembu elibe ngoshampeni beligi kulindeleke ukuthi lichaze ngezinkontileka zabadlali ababili u-Itumeleng Khune noTefu Mashamaite.
Abanye abadlali okusalindeleke ukuthi basayine izinkontileka ezintsha naleli qembu kubalwa uMandla Masando omataniswa neMpumalanga Black Aces noMatthew Rusike.
OLUNYE UDABA:Abadlali abasezingeni njengoMasha bayabiza - Inkakha
IChiefs sekunesikhathi kunemibiko ethi igaqele umgadli waMaZulu uBongani Ndulula nomgadli weFree State Stars uMoeketsi Sekola noDaniel Cardoso.
Khona manjalo umdlali wasemuva weChiefs uMulomowandau Mathoho umataniswa neqembu laphesheya kwezilwandle kanti ngakolunye uhlangothi uGeorge Lebese umataniswa neMamelodi Sundowns.
Sekuqinisekisiwe ukuthi uSiyabonga Nkosi uzolishiya leli qembu kanti uJosta Dladla usezingxoxweni.
Kusalindeleke ukuthi kucace ngekusasa lomqeqeshi uStuart Baxter njengoba sekuvele negama likaSteve Komphela kulabo abangase bathathe izintambo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho