Johannesburg – Kulindwe iKaizer Chiefs ngekusasa likanozinti waleli qembu
uReyaad Pieterse njengoba inkontileka yakhe isiya ngasekupheleni.
Ngokubika
kwe-SoccerLaduma Amakhosi anonozinti abanethalente eliyisimanga njengoba kukhona
u-Itumeleng Khune osalimele, Brilliant Khuzwayo naye uPieterse.
Ngengoba
ukaputeni waleli qembu uKhune kusazothatha isikhathi ukudlala uKhuzwayo nguyena
osabambile ezintini kanti kubukeka sengathi wenza omuhle umsebenzi.
Kubikwa ukuthi Amakhosi azimisele ukunikeza
uPieterse inkontileka entsha njengoba naye enza umsebenzi omuhle uma enikwa
ithuba.
OLUNYE UDABA: Uqokwa kanjani unozinti omela izwe?
Kodwa ngokusho kuka-Eduan Naude weForte Management ephethe izindaba
zalo mdlalo uveze ukuthi Amakhosi awakakhulumi lutho ngokumgcine Naturena.
“Okwamanje akukho esisakuxoxile neChiefs.
Sagcina ukuxoxa ngesikhathi sisayina inkontileka edlule.
Sike sazama ukuqala
izingxoxo basitshela ukuthi kusanezinto abasazilindile okwamanej,” kusho uNaude
engxoxweni ekhethekile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho