Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi kungenzeka ukuthi umjaho wesicoco seligi ucaciswe ngamagoli atholwa yiqembu elizodla umhlanganiso njengoba ezakhe zisezithendeni zeMamelodi Sundowns.
IChiefs, neshaye iPolokwane City ngo 2-0 ngoLwesithathu ebusuku, ilandela iDowns ngamaphuzu amathathu njengoba isalelwe yimidlalo emine ku-PSL, kubika iKickOff.com.
Yize kunjalo, abafana bakaBaxter banomdlalo esandleni, njengoba la maqembu enamagoli angu-22 iqembu ngalinye.
IBidvest Wits, nesendaweni yesithathu, nayo ibukeka ingase imangaze abaningi.
"Yebo, kungenzeka ukuthi kugcine sekucacise amagoli," kusho uBaxter.
"Esingakwenza nje ukuthi siqhubeke nokudlala umdlalo ngamunye bese sifaka ingcindezi kwamanye amaqembu."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho