UShabba uphuthwe imidlalo yokuqala isizini ngemuva kokulimala edolweni bedlala neChippa United ingakavulwa ngokusemthethweni isizini esikuyo, kanjalo noBernard Parker, kubika iSoccer Laduma.
Ukulimala kwala badlali kunikeza uMandla Masango noGeorge Maluleka ithuba lokuqala imidlalo.
OLUNYE UDABA: IChiefs ayibambeki kulezi zinsuku - Igesund
“Siyivule kahle kakhulu isizini ngokuthi iqembu linqobe imidlalo eyisikhombisa kulandelana yize bekukhona abadlali abebelimele.
“Umuzwa wokuzethemba uphezulu ekhempini. Ngicabanga ukuthi yiyona ndlela le abadlali abazizwa ngayo uma konke kuhamba ngohlelo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter