"Sasikubeke kwacaca ukuthi kumele ummangalelwa ehle esikhundleni uma etholakale enamacala,” kusho uSihlalo weKhomishana uNorman Arendse.
U-Arendse usho kanjena ekhuluma nabezindaba eGoli, ngemuva kokwethula umbiko wophenyo ngo-Igesund.
U-Igesund uphume emsulwa kuzona zonke izinsolo abebekwe zona.
Kwathiwa umqeqeshi wahlohla abadlali ukuthi bafune amabhonasi ngesikhathi kuqhubeka imidlalo ye-African Nations Championship (Chan), ngenyanga kaJanuwari.
Umengameli weSafa uDanny Jordaan uhambe phezu kwamazwi ka-Arendse wathi ukube izinsolo beziyiqiniso, bekuzombhedela u-Igesund.
"Izinsolo ziyachithwa."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.