Ikomidi leSafa lihlanganile kulo leli sonto, ukunquma ngombiko weKhomishana ka-Arendse.
Izinsolo zithi u-Igesund wazama ukuhlohla abadlali ukuthi bafune amabhonasi ngesikhathi kuqhubeka imidlalo ye-African Nations Championship, ngenyanga kaJanuwari.
Umqeqeshi uyaziphika izinsolo.
Ngenyanga ezayo, u-Igesund uzohola iqembu lakhe emidlalweni elizoba nayo ne-Australia neNew Zealand.
Ngakolunye uhlangothi, uNonkonyana uvele ngaphambi kwekomidi kulandela ukuthi ekhulume esidlangalaleni atshele u-Igesund ukuthi kumele anqome umncintiswano.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).