Cape Town - UMengameli wenhlangano yebhola kuleli uDanny Jordaan, ukhulume enkonzweni yesikhumbuzo sikaSenzo Meyiwa, waqala ngokuncoma abathandi bebhola wathi bangumongo webhola lakuleli.
UJordaan ukhulume ngokudabukisa wathi izwe belinamathemba okuthi uMeyiwa uzohola iBafana Bafana ikwazi ukuphumelela ekutheni idlale imidlalo ye-Afcon, nokuyinto eyagcina ukwenzeka ngo-2008.
"Ayikho incazelo engezwakala uma kuchazwa ngokubulawa kukaSenzo, kubuhlungu kakhulu. Washintsha umuzwa nomoya weBafana Bafaba," kusho uJordaan.
Funda nalolu daba: Ngiyanincoma emngcwabeni wami - IBhokobhoko
UJordaan ukhulume wathi kumele kuphinde kubhekisiswe umthetho ngokuphathwa kwezibhamu kuleli.
Uthe beyiSafa bahlaba ikhwela kubona bonke abantu baseNingizimu Afrika, wathi bonke abanezibhamu ezingekho emthethweni kumele bazihambise kwiSafa kuze zizoshiswa bese kwakhiwa isithombe esibaziwe sikaSenzo.
Uthe iSafa izochaza konke ngesichuse ngoLwesibili, wathi umsebenzi uyoqala uma inhlangano seyamukele okungenani izibhamu ezingu-30.
UJordaan uphinde waveza ukuthi kucelwe ukuthi umdlalo weBafana Bafana neSudan, ususwe eMbombela uyise eMosesMabhida eThekwini, kuze abadlali beBafana bezokwazi ukuhambela iliba likaSenzo bayomvalelisa okokugcina.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.