Share

Kuzomele ajabulise uBaxter uZulu - Umbiko

Johannesburg – Umgadli osanda kusayina neKaizer Chiefs uDavid Zulu okulindeleke ukuba aqale kuleli qembu ngonyaka ozayo kuzomele ajabulile uStuart Baxter ukuze athole ijezi. 

Ngokubika kwe-SoccerLaduma iChiefs ihlukane nesizumbulu sika-R4 million ukuthi ithole lo mdlali ovutha engabaselwe kulezi zinsuku.

UZulu oneminyaka engu-28 ubudala ubalwa nabanye abagadli bakuleli abangalibheki ipali lokhu sekuholele akutheni abizelwe esikwatini seBafana Bafana ngaphansi komqeqeshi uShakes Mashaba.

Kulindeleke ukuthi ajoyine Amakhosi ngoJanuwari futhi aqhubeke nokubhakuzisa inethi njengoba enamagoli amane kule sizini.

OLUNYE UDABA: UZulu usayine neChiefs - Umbiko

Kuzokhumbuleka ukuthi Amakhosi athenge abadlali ekuqaleni kwale sizini okubalwa kubo uPhakamani Mngadi, Ovidy Karuru, Siphelele Mthembu noLevy Mokgothu kanti bonke laba badlali kusalindeleke ukuba bakhuphule amasokisi ukuze bakwazi ukudlala njalo kuleli qembu njengoba iningi labo lingakaze lidlale emqhudelwaneni emikhulu.

Kubona uMthembu okubukeka ejwayele ukuthola ijezi kodwa naye usavamise ukungena umdlalo usuyophela.

Kuzomele uZulu ajabulise kakhulu uBaxter ukuze akwazi ukuthola indawo kuleli qembu elijwayele ukuhlasela ngoBernard Parker noKingston Nkatha.


   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1097 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1174 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
+0.0%
Rand - Pound
23.98
-0.1%
Rand - Euro
20.58
-0.1%
Rand - Aus dollar
12.51
-0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.2%
Platinum
912.20
0.0%
Palladium
1,001.00
-0.4%
Gold
2,319.32
+0.2%
Silver
27.18
+0.1%
Brent Crude
88.02
-0.5%
Top 40
68,574
0.0%
All Share
74,514
0.0%
Resource 10
60,444
0.0%
Industrial 25
104,013
0.0%
Financial 15
15,837
0.0%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE