Johannesburg - Unozinti we-Orlando Pirates, uBrighton Mhlongo, uthi sekuyisikhathi eside amaBhakabhaka engathathi sicoco, kanti manje sekudingeka babuyise izinsuku zakudala zokunqoba izicoco.
AmaBhakabhaka agcina ukunqoba isicoco esikhulu ngo-2014 ngesikhathi ethatha iNedbank Cup.
Isizini edlule iphele bengathathanga sicoco, futhi kumanje sebekhishiwe kwiMTN8 kulandela ukushaywa kuma-quarter-final yi-Ajax Cape Town.
Funda nalolu daba: Owodumo lokuxoshw ausethelekile kwiF Stars.
“Kuhlale kunengcindezi uma singawini.”
“Okubaluleke kakhulu kuthina kule sizini ukuthi sibuyele emuva siyolungisa izinto, siqale ukunqoba izicoco futhi.”
“Ngicabanga ukuthi sagcina ukunqoba isicoco ngo-2014 ngesikhathi sithatha iNedbank Cup,” usho kanje, kubika iSoccerLaduma.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.