Johannesburg - Umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uMpho Makola usezwakalise ukuthi akazange athuke ngesikhathi ebizelwa eqenjini lesizwe njengoba ethi kwase kuyisikhathi sakhe.
UMakola udlala ibhola elinenkosi phakathi kulezi zinsuku kumaBhakabhaka njengoba esebhakuzise inethi amahlandla amane kule sizini nokwenze wabizelwa eqenjini lesizwe.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala wadlala umdlalo wakhe wokuqala weBafana ngesikhathi ibhekene neSenegal waba ngomunye wabadlali abanomlando wokubhakuzisa inethi ngomdlalo wokuqala kwiBafana.
"Nakuba ngingathukanga kodwa ngangingalindele kodwa uma ubheka engidlala ngakho bese kuyisikhathi ngoba ngenza kahle kakhulu.
OLUNYE UDABA: Ngalimosha ithuba lami kwiChiefs - OweBucs
Ngiyacabanga ukuthi abaqoki beqembu lesizwe bayibonile imisebenzi yami enkundleni nokwenze bangiqoka," uMakola etshela iSoccerLaduma.
"Ngeke ngiqambe amanga kwangijabulisa kakhulu ukuqokwa kwami. Kwaba yilowo mzuzu othi, 'Ekugcineni!'.
Ngathola isipiliyoni esanele ezinsukwini eziyishumi engazichitha kwiBafana."
Uthe wayehlangene nabadlali abanesipiliyoni abanye abadlala phesheya kwezilwandle.
"Ngangizungezwe abadlali abasezingeni ngakho asikho isikhathi samaphutha, kumele umqondo uhlale ugxilile ngasosonke isikhathi."
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter