isiZulu Ama site/IZINHLELO >

Lifezekile iphupho lami - Hartley

2012-08-10 16:35
London - Umgwedli wakuleli Bridgette Hartley, utholele elakuleli indondo yethusi, nokungeyesihlanu kuma-Olympics ngesikhathi elala isithathu kowamanqamu we-1 500m.

"Kuyinto engeke ngakwazi ukuyichaza ngamagama," kusho uHartley.

"Kuyiphupho lawo wonke umuntu okwezemidlalo. Kuyinto engingasoze ngayikhohlwa empilweni yami."

Uthe eqeda ukudlula ulayini okhombisa ukuthi usewuphothulile umjaho, kwamthatha isikhathi uHartley, 29, waseRichards Bay ukwamukela ukuthi uthole indondo yethusi.

"Ngizwe abaseHungary besho ngenhlokomo kanjalo nabase-Ukraine.

"Kuwona lowo mzuzu kube sekuvela iNingizimu Afrika, angizange ngikholwe, bengithi yiphutha."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

SAPA
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)