U-Igesund ubesolwa ngokuba nomkhoshosho asebenza ngawo nalabo abamele abadlali uma kuqokwa iqembu lesizwe kanye nokuyalela abadlali ukuba batelekele amabhonasi ngesikhathi kudlalwa eye-African Nations Championship ngasekuqaleni kwalo nyaka.
U-Arendse uthe u-Igesund akanacala, kanti lo mqeqeshi uthi ubevele azi ukuthi ngelinye ilanga iqiniso liyophumela obala, kubika iKickOff.com.
“Ngangihlezi ngisho ukuthi iqiniso liyohlala obala bese liyangikhulula,” esho etshela izintatheli kweyeMetropolitan Premier Cup, eKapa.
“Kuyangijabhisa ukuthi kukhona abantu abangenza izinto ezinje ngoba befuna ukungcolisa igama lami ngaphandle kwesizathu. Egameni lokuthi leli fu selidlulile futhi angeke ngisalokhu ngikhuluma ngalo."
U-Igesund uphinde wagadla ngokuthi abezindaba abebembophele amanqina enyathi.
“Abantu bafuna ukudayisa amaphepha, engikujabulelayo nje ukuthi konke sekudlulile. Abangiqambela amanga kumele babhekane nonembeza wabo.”
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho