Johannesburg - Ukaputeni weKaizer Chiefs uSiphiwe Tshabalala nonozinti waleli qembu u-Itumeleng Khune sebenxuse abalandeli banikeze uSteve Komphela isikhathi nethuba, ngokusho kombiko.
UKomphela usethole ukugxekwa ngendlela leli qembu eliwuqale ngayo umgqigqo weligi njengoba lisadlale imidlalo emithathu, lanqoba owodwa kodwa ladlala ngokulingana kwemibili.
Kuzokhumbuleka ukuthi iChiefs ingoshampeni beligi kanti abalandeli bayo banesifiso sokuvikela isicoco sayo.
UTshabalala noKhune bathe uKomphela ukufanelwe ukunikwa ithuba.
"USteve kumele anikezwe inhlonipho efanayo nabanye abaqeqeshi bangaphandle,"kusho uKhune ngokubika kweKickOff.
OLUNYE UDABA: UManqele ukhonjwa eqenjini lodumo
"Kumele simnikeze isikhathi esanele futhi nabalandeli kumele basinikeze isikhathi nathi."
UTshabalala unanele ngokuthi:
"USteve wenza lukhulu eqenjini, sizomeseka njengabadlali.
Masimnikeze isikhathi uzoyiletha impumelelo kuleli qembu."
UTshabalala uphinde wazwakalisa ukushaqeka kwakhe ngokuxoshwa kukaStuart Baxter eqenjini laseTurkey iGenclerbiril.
"Leli qembu bekumele limnikeze isikhathi.
Kungimangazile ngempela ukuxoshwa kwakhe,"kunanela uShabba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter