Johannesburg – Imanenja yomgadli osanda kulaxazwa yiKaizer Chiefs uKatlego Mphela izwalise ukuthi iPlatinum Stars ayizimisele ngokusayina lo mgadli.
Ngokubika kweSoccerLaduma uMphela obezilolonga ne-University of Pretoria untunta nendishi njengoba egcine angayitholanga inkontileka kuyona.
Lo mgadli oneminyaka engu-30 ubudala uke wamataniswa neDikwena kodwa umphathi wezindaba zakhe uGlyn Binkin uthe usekhulumile nayo futhi ayizimisele ngokusayina uKiller.
OLUNYE UDABA: ICeltic ithi ifuna ubulungiswa ngolomgadli weChiefs
UBinkin ekhuluma neSiya Crew uthe:
“Ngikhulumile nePlatinum Stars yakuphika ukuthi izimisele ngokusayina uMphela.”
Kusalindeleke ukuthi kucace ukuthi uzolibangisaphi lo mdlali oke waba ngumgadli ohamba phambi kwiBafana Bafana.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho