Share

Ngeke ngiyishiye iMan City - Yaya Toure

Cape Town - Umdlali weManchester City, uYaya Toure, uthi uzimisele ngokuhlala kuleli qembu elingompetha be-Premier League eNgilandi, kubike iKickOff.com ngoLwesibili

Lo mdlali weCity bekunamahlebezi athi ufuna ukulishiya leli qembu lase-Etihad ngemuva kwemibiko eyayithi kunokungezwani kahle phakathi kwakhe nabaphathi, kodwa lo mdlali usedalule ukuthi akayindawo.

“Angikaze ngithi ngifuna ukuhamba,” kusho uToure.

“Ngazithulela nje kukhulunywa, ngicabanga ukuthi ngenza okufanele ngokuthula ngoba ekugcineni isinqumo sizothathwa yimina.

“Ngisazohlala nje kwi-Man City kuze kushaye isikhathi esifanele sokuba ngihambe.”

Ngaphambi kweyeNdebe yoMhlaba, kwavela imibiko ethi uYaya akeneme ngendlela aphethwe ngayo kuleli qembu ngemuva kokuba engafiselwanga usuku lwakhe lokuzalwa ngendlela ayefisa ngayo.

Ompetha iMan City bazodlala umdlalo wabo wokuqala weligi neNewcastle ngeSonto mhlaka-17 Agasti.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do airplane mishaps have any effect on which airline you book your flights with?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, these things happen. I pick based on price
48% - 1032 votes
Yes, my safety matters. I don't take any chances
52% - 1100 votes
Vote
Rand - Dollar
19.21
-0.5%
Rand - Pound
23.95
-0.7%
Rand - Euro
20.56
-0.5%
Rand - Aus dollar
12.48
-0.7%
Rand - Yen
0.12
-0.2%
Platinum
912.40
-0.8%
Palladium
1,005.00
-2.1%
Gold
2,314.58
-0.3%
Silver
27.17
-0.5%
Brent Crude
88.42
+1.6%
Top 40
68,574
+0.8%
All Share
74,514
+0.7%
Resource 10
60,444
+1.4%
Industrial 25
104,013
+1.2%
Financial 15
15,837
-0.4%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE