IBafana isafuna ukuthola ukuzethemba ngaphambi kwale midlalo yamaqembu ase-Afrika, kodwa uFlames umile kwelokuthi bazolithwalisa kanzima iqembu likaGordon Igesund.
"Asizelanga ukuzongcebeleka lapha; zisodlala ibhola sinike iBafana umdlalo osezingeni eliphezulu,” kusho uNyondo etshela iKickOff.com.
"IBafana izodlala ku-Afcon ngakho kubalulekile ukuba siyinike umdlalo onzima futhi sethemba ukuthi nabalandeli baseThekwini bazobuka umdlalo omnandi kusasa.
"Umqeqeshi ufake esikwatini sakhe abadlali abanesipiliyoni kanye nabaselula. Nginethemba lokuthi abanye balabo abaselula bazosebenzisa lo mdlalo ukuzakhela igama ukuze bathole izinkontileka emaqenjini ePSL."
Iqembu laseMalawi livele linabo abadlali abaziwayo kuPSL, abafana noJosephy Kamwendo, Chiukepo Msowoya, Robert Ng'ambi kanye noLimbikani Mzava.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter