Share

Ngihlale nginqoba eMoses Mabhida - VV

Johannesburg – Umqeqeshi we-Orlando Pirates usephendule inkulumo kaBernard Parker ethi uhlale ewashaya amagoli eMoses Mabhida wathi naye uhlale enqoba kule nkundla.

Ngokubika kwe-KickOff lo mqeqeshi ukusho lokhu ngesikhathi kunengqungquthela yabezindaba yomdlalo wamanqamu weMTN8 ozoba ngoMgqibelo kule nkundla eThekwini.

“Umyalezo engiwubhekisa kuBernard Parker ngokuhlale eshaya igoli eMabhida – name ngithi ngihlale ngizidlela ibhece kule nkundla,” uVladmair Vermezovic.

OLUNYE UDABA: U-VV usebheke owamanqamu

Kubikwa ukuthi nonozinti weBhakabhaka uSenzo Meyiwa uselibeke ngembaba ukuthi uParker akanawo amandla okushaya igoli uma kuvimbe yena.

“Akaqinile ngokweqile ensimini,” kusho uMeyiwa.

UVermezovic usekuqinisekisile ukuthi bonke abadlali beBhakabhaka bakulungele ukudlala njengoba abadlali ababenezinkinga zokuthinteka uThandanani Ntshumayelo noPatrick Phungwayo bazobe bekhona.

Kubikwa ukuthi u-VV akacacisanga ukuthi uThabo Matlaba uzokwazi ukudlala njengoba athola ikhadi elibomvu.

Lo mdlalo ophakathi kweKaizer Chiefs nePirates ubhekwe ngabomvu ngalandeli bala maqembu kwazise sekuneminyaka eyizimbanga futhi abalwa njengamaqembu amakhulu eNingizimu Afrika. UVV uthe lo mdlalo uwubona uzophela ngemuzuzu engu-90 nje kuphela.

    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Will you use Amazon's newly launched SA website for your online shopping needs?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, I'm ready to fill up my cart
45% - 164 votes
No, I'm not buying into the hype
55% - 198 votes
Vote
Rand - Dollar
18.52
-0.2%
Rand - Pound
23.16
+0.3%
Rand - Euro
19.91
-0.0%
Rand - Aus dollar
12.22
+0.2%
Rand - Yen
0.12
+0.3%
Platinum
979.06
+1.3%
Palladium
975.00
-0.9%
Gold
2,313.86
-0.4%
Silver
27.25
-0.7%
Brent Crude
83.33
+0.4%
Top 40
70,790
+0.2%
All Share
76,930
+0.2%
Resource 10
61,038
-0.6%
Industrial 25
107,159
+0.1%
Financial 15
16,711
+0.7%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE