Durban - Umdlali weKaizer
Chiefs uWillard Katsande ujabule ngokwenza kahle umsebenzi wakhe koweMTN8 njengenjini
yeqembu.
UKatsande owenza ezibukwayo emidlalweni yePSL esiswini kusekela afunda ukudlala kahle, ubejabule kakhulu ngendlela adlale ngayo.
Funda nalolu daba: Wonke umuntu uzethembile ngeMTN8.
"Okokuqala ngithanda ukubonga uNkulunkulu ngokuwina kwethu. Lokhu kusho lukhulu eqenjini. Sikwazile ukudlala ngokwemiyalelo kamqeqeshi. Ngicabanga ukuthi bekuwumdlalo omnandi, womabili amaqembu abefuna ukunqoba. Sibonga uNkulunkulu ngokunqoba,” usho kanje.
"Umqeqeshi uhlale engitshela ukuthi ngiyinjini yeqembu, kumele ngimake ibhola ngendlela futhi ngiphinde ngilekelele uma kuhlaselwa.” Usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.