Johannesburg - Umgadli waMaZulu uBongani Ndulula uchitha amahlebezi okuthi angase ayodlalela iKaizer Chiefs ngesizini ezayo.
‘UDrogba’, oseshaye amagoli amabili eqenjini lesizwe naseqenjini lakhe kule sizini, unenkontileka noSuthu ezophela ngoJuni ngonyaka ozayo, kanti muva nje umataniswa nabafana basePhefeni.
Kodwa lo mdlali oneminyaka engu-24 ubudala uwachithile wonke amahlebezi ammatanisa nqembu laseGauteng.
Funda nalolu daba: AbeChiefs bayisize kakhulu iBafana Bafana - Baxter.
"Ngibhekene nomsebenzi wami wokudlalela uSuthu okwamanje,” kusho uNdulula kuKickOff.com.
"Angazi lutho ngeChiefs, ngaphandle kwalokho engikufunda emaphepheni”.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.