Johannesburg – ISekela lomqeqeshi wamaTuks uSammy Troughton usenxuse ukuba i-PSL ihlele ibhodi lonompempe elizocubungula izinqumo zabo ngemidlalo yeligi futhi kumele bathathelwe izinyathelo uma bengenzanga kahle.
Ngempelasonto eyedlule i-University of Pretoria inenebulwe ngamagoli amathathu eqandeni yiSuperSport United.
Ngokubika kwe-SoccerLaduma uTroughton akazange agculiseke ngezinye zezinqumo ezithathwe ngunompempe walo mdlalo uVictor Gomez.
OLUNYE UDABA: UMarques ugxibha unompempe uGomes
Phakathi kwezinqumo ezicasule uTroughton yiphanathi ebizwe yilo nompempe nakuba isigameko senzeke ngaphandle kwebhokisi naleso esokukhishwa ngekhadi elibomvu komdlali wabo uVuyisile Ntombayithethi.
UTroughton unxuse i-PSL ukuba isungule ikomidi elizcubungula ukudlalisa konompempe. “Kumele zicutshungulwe izinqumo zonompempe ngoba ezinye zabo zilimaza ikusasa labadlali nabaqeqeshi.
Kumele bazi ukuthi uma benze izinqumo eziphambene kukhona okuzokwenzeka kubona ngoba kubukeka sengathi okwabo akunakiwe ekubeni kulimaza kakhulu amaqembu,” esho.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho