Johannesburg – Owayeyinjini ye-Orlando Pirates uMark Mayambela usephumele obala ngokuthi kungani ashiya iqembu laseSweden i-Djurgardens IF wajoyina iRoyal Eagles edlala kwiFirst Division.
UMayambela utshele iKickOff ukuthi isizathu esinqala esimenze wathatha lesi sinqumo wumbono wesikhulu se-Eagles uSbu Mpisane.
“UMpisane wangitshela ngezinhloso nangombono wakhe ngembu lakhe,” kusho uMayambela.