Johannesburg – Isitobha seKaizer Chiefs uTshepo Masilela uthi uzimisele ngokuqoqa ezinye izinkomishi ehlezi eNaturena ngesizini ezayo kulandela ukuklonyeliswa yiqembu nokunqoba i-MTN8.
Lo mdlali ovotelwe njengeKaizer Chiefs Players’ Player of the Season ngesikhathi iqembu linomcimbi wokuklomelisa abadlali, uthe kukhulu kuyeza.
“Lokhu kufana nebhonasi kithi njengeqembu,” kusho uMasilela, kubika iKickOff.com.
“Kungumuzwa omnandi ukuqokwa ozakwenu ngale ndlela. Njengoba ngihlezi ngisho, akekho umuntu obaluleke okudlula iqembu.”
UMasilela wajoyina aMakhosi ngo-2012 kulandela ukubuya eSpain nakwa-Israel.
“Njengoba siseholidini nje sizilungiselela ukuthi sibuye singasadle zinkobe zamuntu. Ngifuna ukuqoqa ezinye izinkomishi neChiefs.”