Share

OweF S Stars ukhala ngokubanjwa inkunzi koweBucs

Johannesburg – Umqeqeshi weFree States Stars uTom Saintfiet uthe ubona sengathi iqembu lakhe libanjwe inkunzi emdlalweni weqembu lakhe ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo e-Oralndo Stadium eGoli.

Ngokubika kwe-KickOff lo mqeqeshi ukhale ngokuthi kuphikwe igoli le qembu lakhe asola ukuthi livinjwe nguThandanani Ntshumayelo selingenile epalini elikhahlelwe nguRichard Henyekane ngomzuzu ka-89. 

IStars sishaywe ngegoli elilodwa eqandeni kulo mdlalo we-Absa Premiership obungoMgqibelo ebusuku eliqotshelwe phakathi nguDane Klate.  

OLUNYE UDABA: UMasehe usebheke isizini elandelayo

Lo mqeqeshi uphinde wakhala nangomdlali weBucs uKhethowakhe Masuku  athe bekumele athole ikhadi elibomvu ngemuva kokuba ekhahlele ngamabomu uBokang Thlone ophuke umhlathi waphuthunyiswa esibhedlela. 

“Kuhlale njalo kugqugquzelwa ukuthi sidlale ibhola elihloniphekile kodwa angikubonanga lokho kulo mdlalo njengoba siphikelwe futhi sinomdlali osesibhedlela,” kusho lo mqeqeshi ngemuva kwalo mdlalo.

Uthe uthole umyalezo oqhamuka phesheya kwezilwandle uqinisekisa ukuthi nebala bekuyigoli leli eliphikiwe.  

     - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

     - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 870 votes
No! It's time to move on ...
33% - 425 votes
Vote
Rand - Dollar
18.85
+0.9%
Rand - Pound
23.59
+0.9%
Rand - Euro
20.20
+1.0%
Rand - Aus dollar
12.32
+0.7%
Rand - Yen
0.12
+1.7%
Platinum
928.90
+0.4%
Palladium
979.00
-1.2%
Gold
2,342.94
+0.5%
Silver
27.54
+0.4%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,240
+1.2%
All Share
75,189
+1.2%
Resource 10
63,032
+1.5%
Industrial 25
103,610
+1.1%
Financial 15
15,975
+1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE