Johannesburg - Sekuvele imibiko ethi umgadli wePolokwane City uPuleng Tlolane ‘angenza noma yini’ ukushiya leli qembu laseLimpopo ukuze athole inselelo entsha kwenye indawo.
Lo mdlali, 24, usayine inkontileka entsha yeminyaka emibili neRise and Shine ngasekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokufaka amagoli angu-11.
OLUNYE UDABA: Isikhulu se-PSL sihalalisele iPolokwane City
“Yebo, usayine inkontileka entsha kodwa manje ufuna inselelo entsha, kanti unethemba lokuthi uJazzman [Mahlakgane] uzomtholela okungcono.
"Akuyona imfihlo ukuthi ubheka iqembu elizomholela kangcono,” kusho umthombo utshela iKickOff.com.
Lo mdlali osebe naleli qembu kusukela lisagijima kuFirst National Division.