Johannesburg - Imibiko yeSoccerLaduma ithi iMamelodi Sundowns neBidvest Wits bangase bashintshane ngabadlali ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokuthengwa kwabadlali.
UVilakazi sekuphele isikhathi emataniswa namaqembu aphesheya kwezilwandle, iSundowns neKaizer Chiefs.
Kodwa ezakamuva, ngokombiko, zithi iSundowns isithembise ngokunikeza iWits uKatlego Mashego noNyasha Mushekwi, ukuze yona izothola uVilakazi.
Funda nalolu daba: Ukhala ngonompempe umqeqeshi
Lesi sivumelwano kuthiwa singase siphothulwe kusasa, ngaphambi kokuvalwa kwewindi ngo-17:00.
"ISundowns ifuna isivumelwano sokushintshana, esizokwenza uMashego noNyasha bajoyine iWits bese uVilakazi ejoyina iSundowns. UMashego ujabuyele yena ngalokhu kodwa hhayi uNyasha njengoba efuna ukuya eTurkey,” umthombo.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.