Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uyavuma ukuthi iqembu lakhe alidlanga kahle ngesiwombe sokuqala ngesikhathi libhekene neMoroka Swallows ngoLwesithathu ebusuku, kodwa uthi usekhathele ukusho into eyodwa.
AmaBhakabhaka
abelandela emuva ngegoli elivalelwe phakathi uSiyabonga Nomvethe, uLehlohonolo
Majoro wabe esefaka elokulinganisa.
Funda nalolu daba: OweSwallows ujabulile ngephuzu kowePirates.
“Sekuzwakala njengeculo ngoba ngihlala ngisho into eyodwa, kodwa kuyiqiniso – ngesiwombe sesibili besihlangene, sidlale kahle kakhulu kunangesiwombe sokuqala,” kusho uTinkler.
“Bekunzima ukudlala nabo ngoba bebepake ibhasi
emuva, sagcina singasazi ukuthi kumele senzeni.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.