Share

Sengikhule kakhulu - Masuku

Johannesburg - UKhethokwakhe Masuku uthi ugculisekile ngendlela aqhuba ngayo ku-Orlando Pirates kusukela ayijoyina esuka kuBlack Leopards ekuqaleni kwesizini.

Lo mdlali onekhono ubengajwayele ukudlala ngesikhathi kuqala isizini, kodwa kuthe sekuqala isigaba sesibili sesizini izinto zashintsha.

Usejwayele ukuthola ijezi njengoba sekukhona umqeqeshi omusha, uVladimir Vermezovic, nakuba kungakacaci ukuthi uzoba sezinhlelweni zeqembu yini ngesizini elandelayo.

Lo mdlali oneminyaka engu-28 ubudala usebengundabamlonyeni izikhawu ezimbili kubalandeli beBhakabhaka - okokuqala yingesikhathi beshaya iGolden Arrows ngo 4-0 koweTelkom Knockout, okwesibili yingesikhathi eyohlala ebhentshini efake ama-headphones ngemuva kokushintshwa.

Ebuzwa mayelana nendlela azizwa ngayo kuze kube manje kule sizini, usho kanje etshela iSiya crew: “Ngisuka kuLeopards, kwadingeka ngishintshe izinto eziningi.  IPirates idlala ibhola elehlukile kuneLeopards futhi kuningi okulindelekile uma udlalela leli qembu, yilokho okwehlukile, ngakho-ke angicabangi ukuthi ngibhede kakhulu.

“Ngizamile ukushintsha izinto ezithile futhi ngiyajabula ngalokho esengikwenzile okwamanje.

"Ngisangenza kangcono. Yisizini yami yokuqala lena ngilana ngakho ebengizimisele ngakho ukujwayela kuqala iqembu."

UMasuku ubanga indawo nabadlali abafana noTlou Segolela, Daine Klate kanye noSifiso Myeni.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think Minister Blade Nzimande made the right call to dissolve the NSFAS board?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes, NSFAS mismanagement is costing students
34% - 468 votes
No, it's suspicious given that he's implicated
66% - 896 votes
Vote
Rand - Dollar
19.04
-0.3%
Rand - Pound
23.66
-0.2%
Rand - Euro
20.21
-0.3%
Rand - Aus dollar
12.19
+0.3%
Rand - Yen
0.12
-0.0%
Platinum
970.80
-0.5%
Palladium
1,021.50
-0.2%
Gold
2,385.62
+0.1%
Silver
28.16
-2.5%
Brent Crude
90.10
-0.4%
Top 40
66,902
-2.2%
All Share
73,000
-2.1%
Resource 10
61,638
-3.6%
Industrial 25
98,321
-1.9%
Financial 15
15,650
-1.1%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE