Johannesburg – Sidedeliwe esibhedlela isilomo seBafana Bafana uTokelo Rantie
ngemuva kokulimala ehlombe ngesikhathi iqembu lakhe iBournemoth idlala
ngokulingana ne-Ipswich Town.
Kulo mdlalo obungoMgqibelo ophele la maqembu
ebambene ngamagoli amabili uRuntie wakhishwa esethwelwe ngohlakahla kumuva
kokuba emakwe kanzima ebhokisini kodwa unondweba wangakhomba kwi-penalty.
OLUNYE UDABA: Akukho ukuzikhukhumeza kule Bafana - Mashamaite
Lo
mgadli weBafana Bafana utshele i-Soccer Laduma ukuthi usekhishiwe esibhedlela
ngoMsombuluko kanti usalinde imiphumela ye-MRI scans.
URantie oneminyaka engu-24
ubudala usanda kudlala ibhola eelinenkosi phakathi ngesikhathi iBafana idlala
ngokulingana neNigeria uphinde waveza ukuthi kungenzeka lokhu kulimala kube
yinto edlulayo engeke imphazamise ekudlaleleni iqembu lesi zwe kowe-Afcon
ngoJanwari e-Equatorial Guinea.
Ngokomthetho ukululama komdlali olimale ehlombe kungathatha cishe
izinyanga ezintathu kuya kwezine kuya ngendlela alimale ngayo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho