"Manje akusabalulekile ukuthi udlala kanjani, okubalulekile amaphuzu amathathu," kusho uMosimane.
Umqeqeshi weSundowns uphinde wancoma indlela edlale ngayo iMpumalanga Black Aces, ikakhulukazi unozinti wayo, kubika iSiya crew.
“U 1-0 awuchazi udaba lonke lomdlalo, uJackson Mabokgwane, ngesikhathi ekhishwa ubedlala kahle, ibhola alivimbile likaThabo Nthethe belimangalisa, ngemuva kwalokho bafake omunye unozinti naye odlale ngendlela encomekayo", kusho uPitso.
“Ngicabanga ukuthi onozinti uma beze eLoftus bafike babengabadlali abavelele, nangesonto eledlule ( ekhuluma ngoSenzo Meyiwa) waba ngumdlali ovelele, nakuleli sonto kube njalo futhi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho