Johannesburg - UThabo Matlaba uthi i-Orlando Pirates izohlale ikholelwa ukuthi ingayifica iKaizer Chiefs esicongweni seligi.
AmaBhakabhaka anqobe okwesine kulandelana emidlalweni yeligi ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi eshaya iPolokwane City ngo-3-1 nokwenze agcine eselandela iChiefs ngamaphuzu angu-12.
Kanti futhi njengoba kuza umdlalo womkhaya waseSoweto ngelizayo, uMatlaba
uthi kubalulekile ukuba bagxile kulokho abazimisele ngakho.