ULangwe ubekhuluma ngokukhethekile neSoccer Laduma.
“Bekumnandi kakhulu ukushaya iSwallows. Sidlale ngokuzimisela nokudale ukuthi sibe nokuzethemba njengoba sizogadulisana neSuperSport United ngempelasonto. Kumele siqhubeke nokunqoba,” esho.
Lo mdlali osemncane uthe kumele ezakhe ziqikelele ekudlaleni ibhola elihle nelinobuhlakani uma zifuna ukuguqisa iSuperSport.
“Sizobe sidlala ekuhambeni ngakho kumele sizikhandle, ngaphezu kwalokho sidinga ukuba nobuhlakani uma sifuna ukubuya namaphuzu amathathu.”
“Okusemqoka kithi ukubheka umdlalo ngamunye. Ngeke kusisize ngalutho ukunaka imidlalo ekude nathi,” esho.
Umqeqeshi uGavin Hunt ufuna ukunqoba nje kuphela njengoba ecija abadlali abasebancane abafana nami, kuphetha lo mdlali.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho