Johannesburg - Ukaputeni weBafana Bafana uDean Furman ukholelwa ukuthi iqembu lakhe lisangakwazi ukudlulela esigabeni somkhumulajesi kowe-Africa Cup of Nations.
IBafana Bafana ibambane ngegoli elilodwa
neSenegal nokuwumphumela oyibeke emsileni ngephuzu elilodwa futhi izobhekana
neGhana yazi kahle ukuthi kuzodingeka iwine ngamagoli amaningi ukuze ikwazi
ukudlulela phambili.
Funda nalolu daba: Inkinga ayikho semuva - Mashaba.
"Sisenalo ithuba,” kusho uFurman ngemuva komdlalo, kubika iSoccerLaduma.
"Sikholelwa ukuthi sisenalo ithuba kuze kube unompempe uyawuqeda
umdlalo wokugcina, sibone ukuthi simi kuphi.”
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.